Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Okuyinkinga Ngenkolo

Okuyinkinga Ngenkolo

Okuyinkinga Ngenkolo

UKUTHI inkolo iyimbangela eyinhloko yazo zonke izingxabano kungasho ukuthi beziyoba mbalwa izimpi ukube inkolo ibingekho. Ingabe kunjalo ngempela? Ingabe singayiqeda impi ngokumane siqede inkolo? Kungakhathaliseki ukuthi uphendula kanjani, linye iqiniso elingenakuphikwa: Inkolo ayizange ilulethe ubumbano esintwini. Cabangela ezinye izizathu ezenza lokhu kube yiqiniso.

Ukuhlukaniswa Yinkolo

Isintu sihlukaniswe yinkolo, izinkolo eziningana ezinkulu zisembangweni ongapheli. Ingabe sikhona isizathu sokukholelwa ukuthi amaBuddha, amaKristu, amaHindu, amaJuda namaSulumane bayoke bahlale ngokuthula?

Elinye iqiniso elidabukisayo ukuqembuka okuqhubekayo enkolweni ngayinye kwezinkulu. Ngokwesibonelo, kulinganiselwa ukuthi eLobukholwa liye lahlukana laba yizinkolo ezingu-30 000. UbuSulumane nabo buhlukaniswe yizinkolelo ezingqubuzanayo. Ngokomthombo wezindaba eMpumalanga Ephakathi, isazi esiyiSulumane, uMohsen Hojjat, muva nje sivumile ukuthi “ukungabumbani kwamaSulumane kuwumnyombo wezinkinga enkolweni yawo emhlabeni.” Ezinye izinkolo ezinethonya, njengobuBuddha, ubuHindu nobuJuda, nazo ziye zaba namahlelo amaningi aphikisanayo.

Inkolo Kwezombangazwe

Kubonakala sengathi inkolo inethonya cishe kuzo zonke izingxenye zokuphila. Umagazini wezindaba i-Economist uphawula ukuthi “abantu abakholwayo sebeveza imibono yabo kuyo yonke imikhakha yokuphila, ngisho nakwezamabhizinisi. Inkolo isiyangena nakwezomnotho.” Lokhu kubangela ukwehlukana kubantu kunokuba kubahlanganise. Kodwa ithonya elilimaza kakhulu liphathelene nomlando omude wokugxambukela kwenkolo kwezombangazwe.

Embikweni wamuva ocashunwe esihlokweni esandulele, iqembu lezazi-mlando laphawula ukuthi “cishe inkolo ingase ibangele impi lapho yona nezikhulu zikahulumeni beba mdibi-munye.” Kulokhu kunelinye iqiniso elingenakuphikwa: Kuze kube namuhla inkolo ibilokhu imdibi-munye namaqembu ezombangazwe kuhlanganise nawezempi.

Ingxube Eyingozi

Emazweni amaningi izinkolo ezivelele ziye zaba uphawu lobuzwe noma ubuhlanga. Ngenxa yalokho, akusahlukaniseki nhlobo phakathi kwenzondo yobuzwe, ubandlululo, uhlanga nobutha obubangelwa inkolo. Le ngxube eyingozi ingaba yimbangela enkulu yokuhlukanisa izwe lethu.

Okuxakayo kukho konke lokhu ukuthi izinkolo eziningi zithi zimelela uNkulunkulu weBhayibheli, uMdali. Ingabe kunengqondo ukuthi uMdali ohlakaniphile, onothando nonamandla onke angahlotshaniswa nezinkolo ezibangela ukwahlukana nokuchithwa kwegazi?

[Isithombe ekhasini 6]

Izinkulungwane zoFakazi BakaJehova ziye zaboshwa ngenxa yokukhetha inkambo yokungathathi hlangothi