INdlela Yokucabanga Engafanele
Iyiphi indlela yokucabanga engafanele amaKristu okufanele ayigweme?
Intukuthelo
Hu 37:8, 9; IzA 29:22; Kol 3:8
Bheka nale miBhalo IzA 14:17; 15:18
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Gen 37:18, 19, 23, 24, 31-35—Abafowabo bakaJosefa bayamhlasela, bamdayise ukuba abe isigqila futhi bakhohlise uJakobe ukuze acabange ukuthi indodana yakhe ayithandayo ifile
-
Gen 49:5-7—USimeyoni noLevi bayahlulelwa ngenxa yentukuthelo yabo nesihluku
-
1Sa 20:30-34—Ithukuthele kakhulu, iNkosi uSawulu ithuka uJonathani indodana yayo futhi izama ukumbulala
-
1Sa 25:14-17—UNabali uyamemeza athuke amadoda akanye noDavide, ebeka ukuphila komndeni wakhe engozini
-
Umbango
Ubugwala
Isihluku
Dut 15:7, 8; Mat 19:8; 1Jo 3:17
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Gen 42:21-24—Abafowabo bakaJosefa bakhumbula indlela enesihluku abamphatha ngayo uJosefa
-
Mar 3:1-6—UJesu uzwa ubuhlungu obukhulu ngenxa yesihluku sabaFarisi
-
Ukudelela
Bheka nesithi “UkuDelela”
Ukuzazisa
Bheka nale miBhalo IzA 3:7; 26:12; Rom 12:16
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
2Sa 15:1-6—U-Absalomu uyaqhosha futhi wenza izinto ezenza abantu bamthande kakhulu kunoyise, iNkosi uDavide
-
Dan 4:29-32—INkosi uNebukhadinezari iyaqhosha, okwenza uJehova ayijezise
-
Umhawu; umona
Bheka nale miBhalo Gal 5:26; Tit 3:3
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Gen 26:12-15—UJehova ubusisa u-Isaka ngokusebenza kanzima ngenxa yalokho amaFilisti aqala ukuba nomona ngaye
-
1Kh 21:1-19—Inkosi ekhohlakele u-Ahabi ithatha insimu kaNabhoti yamagilebhisi, okwenza ukuba uNabhoti akhelwe uzungu futhi abulawe
-
Ukwesaba abantu
Hu 118:6; IzA 29:25; Mat 10:28
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Num 13:25-33—Izinhloli eziyishumi zakwa-Israyeli zesaba kakhulu bese zesabisa nabo bonke abantu
-
Mat 26:69-75—Ukwesaba abantu kukamphostoli uPetru kumenza aphike uJesu kathathu
-
Ubugovu
Bheka nesithi “UBugovu”
Inzondo
Bheka nale miBhalo Num 35:19-21; Mat 5:43, 44
Ukuzenzisa
Bheka nesithi “UkuZenzisa”
Umona
Bheka nesithi “UMona”
Ubuvila
IzA 6:6-11; Shu 10:18; Rom 12:11
Bheka nale miBhalo IzA 10:26; 19:15; 26:13
Ukuthanda imali
Bheka nalo mBhalo 1Jo 2:15, 16
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Job 31:24-28—Nakuba ecebile, uJobe uthanda uNkulunkulu kunengcebo yakhe
-
Mar 10:17-27—Insizwa ecebile ithanda kakhulu impahla yayo kangangokuba ayikwazi ukuyishiya ilandele uJesu
-
Intukuthelo embi
Bheka nalo mBhalo Jak 3:14
-
Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:
-
Obad 10-14—UNkulunkulu ujezisa abakwa-Edomi ngokuthukuthelela kakhulu abafowabo, ama-Israyeli
-
Ukugabadela
Bheka nesithi “UkuGabadela”
Ukuziphakamisa; ukuqhosha
Bheka nesithi “UkuziPhakamisa”
Ukuthanda ingxabano
IzA 26:20; 1Ti 3:2, 3; Tit 3:2
Bheka nale miBhalo IzA 15:18; 17:14; 27:15; Jak 3:17, 18
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Gen 13:5-9—Abelusi bemfuyo ka-Abrahama nabelusi bemfuyo kaLoti bayaxabana kodwa u-Abrahama wenza ukuthula
-
Hlu 8:1-3—Amadoda akwa-Efrayimi achukuluza umaHluleli uGideyoni kodwa wenza kube nokuthula ngoba uthobekile
-
Ukudlubulunda
Bheka nale miBhalo Dut 21:18-21; Hu 78:7, 8; Tit 1:10
Ukuzibona ulungile
Shu 7:16; Mat 7:1-5; Rom 14:4, 10-13
Bheka nale miBhalo Isay 65:5; Luk 6:37
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Mat 12:1-7—UJesu uthi abaFarisi bazibona belungile
-
Luk 18:9-14—UJesu usebenzisa umfanekiso ukuze abonise ukuthi labo abazibona belungile abawutholi umusa kaNkulunkulu
-
Inkani
Bheka nale miBhalo Jer 7:23-27; Zak 7:11, 12
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
2Kr 36:11-17—UZedekiya uyinkosi embi nenenkani futhi uholela isizwe sakhe enhlekeleleni
-
IzE 19:8, 9—Umphostoli uPawulu uyayeka ukushumayeza labo abangafuni ukulalela umyalezo woMbuso
-
Ukungacabangeli
Bheka nalo mBhalo 1Pe 2:15
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
1Sa 8:10-20—Ama-Israyeli awamlaleli umprofethi uSamuweli lapho ewatshela ukuthi kungani kungubuwula ukubuswa inkosi engumuntu
-
1Sa 25:2-13, 34—Kusala kancane uNabali abangele bonke abantu besilisa abasendlini yakhe ukuba babulawe njengoba enqaba ukusiza uDavide
-
Izinsolo ezimbi
-
Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:
-
1Sa 18:6-9; 20:30-34—INkosi uSawule isola uDavide ngokuthi akekho qotho kuyo ize izame ukwenza uJonathani ajikele uDavide
-