Ngingabhekana Kanjani Nokugxekwa?
Isahluko 21
Ngingabhekana Kanjani Nokugxekwa?
“Umama wayenzisa okomseshi—ehlala efunana namaphutha. Kwakuthi ngingakaqedi nokusebenza, abhekisise engikwenzayo, efunana namaphutha.”—UCraig
“Abazali bami babehlala benokuthile abangithethisela kona. Babethi ngiyingane engahlelekile. Esikoleni, ekhaya, ebandleni—babehlale benami shaqa.”—UJames.
INGABE kubonakala sengathi akukho okuhle okwenzayo phambi kwabazali bakho? Ingabe uzwa sengathi konke okwenzayo kuhlolwa ngesibonakhulu—ukuthi ngaso sonke isikhathi ugadiwe futhi uhlale ugxekwa kodwa akubonakali okuhle okwenzayo?
Kulokhu okulandelayo yikuphi ovame ukukuzwa njalo?
□ Ikamelo lakho lihlale lingcolile.
□ Ubukela i-TV kakhulu.
□ Uyephuza ukulala.
□ Akwenzeki uvuke ngesikhathi.
Emgqeni olandelayo, bhala lokho abazali bakho abakukhumbuza ngakho noma abakugxeka ngakho okukucasula kakhulu.
․․․․․
Yiqiniso, iziyalo nokugxekwa kungase kukunenge. Kodwa cabanga ukuthi kungaba njani uma ungayalwa futhi ungagxekwa: Uma ungakaze welulekwe noma uyalwe, ubungeke yini uzibuze ukuthi ingabe abazali bakho bayakukhathalela? (Hebheru 12:8) Ngempela, isiyalo siwubufakazi bokuthi abazali bakho bayakuthanda. IBhayibheli lithi ubaba uyayisola “indodana ayijabulelayo.”—IzAga 3:12.
Khona-ke, bonga ngokuthi unabazali abakukhathalela ngokwanele ukuba bakufake endleleni! Phela wena usemncane futhi awunakho okuhlangenwe nakho. Kuzodingeka uqondiswe. Ngaphandle kwesiqondiso, unganqotshwa kalula “izifiso zobusha.”—2 Thimothewu 2:22.
Kodwa Kubuhlungu!
Yiqiniso, “asikho isiyalo esibonakala okwamanje sengathi siyajabulisa, kodwa sibanga usizi.” (Hebheru 12:11) Kuyiqiniso nakakhulu lokhu lapho usemusha. Futhi akumangazi! Ubuntu bakho busashintsha. Usakhula futhi usazifunda ukuthi ungubani. Ngakho ukugxekwa—ngisho nalapho kucatshangwe kahle futhi wagxekwa ngendlela enomusa—kungase kukucasule.
Ukusabela ngale ndlela kuyaqondakala ngoba indlela ozibheka ngayo ingase ithonywe kalula yilokho abanye abakushoyo ngawe. Futhi lokho abazali bakho abakushoyo ngawe kuyithinta kakhulu indlela ozibheka ngayo. Ngakho lapho umzali wakho ekuqondisa noma ekhononda ngendlela owenza ngayo into ethile, kungase kukuphathe kabi.
Ingabe kufanele uphethe ngokuthi akukho okuhle okwenzayo noma uyisehluleki uqobo lwaso ngoba nje abazali bakho bakutshengise amaphutha akho ambalwa? Cha. Bonke abantu basilela ngendlela edabukisayo uma kuziwa ekupheleleni. (UmShumayeli 7:20) Futhi ukwenza amaphutha kuyingxenye yokufunda. (Jobe 6:24) Kuthiwani-ke uma abazali bakho bekhuluma kakhulu uma wenze iphutha kodwa bangasho lutho uma wenze kahle? Kungakuzwisa ubuhlungu lokho. Yize kunjalo, akusho ukuthi uyisehluleki sokuqala nesokugcina.
Izizathu Zokugxekwa
Ngezinye izikhathi umzali angase abonakale egxeka ngokwedlulele, hhayi ngoba kukhona okungalungile okwenzile kodwa ngenxa yokuthi yena ucasukile. Ingabe umama wakho ube nosuku olunzima? Ingabe uyagula? Uma kunjalo, kungase kube lula ngokwengeziwe ukukugxeka uma ikamelo lakho lingacocekile. Ingabe ubaba wakho uthukuthele futhi ucikekile ngenxa yezinkinga zezimali zomkhaya? Uma kunjalo, angase akhulume ngokungacabangi “njengokuhlaba kwenkemba.” (IzAga 12:18) Kuyavunywa, ukugxekwa okunjalo kuyacasula. Kodwa esikhundleni sokugxila ekuphathweni kabi—okuyomane kukuthukuthelise nakakhulu—zama ukuwashalazela amaphutha abazali bakho. Khumbula: “Sonke siyakhubeka izikhathi eziningi. Uma umuntu engakhubeki ngezwi, lowo uyindoda epheleleyo.”—Jakobe 3:2.
Njengabantu abangaphelele, abazali nabo bangakhathazwa imizwa yokuzenyeza. Empeleni, ukwehluleka kwakho kungase kubenze bazizwe sengathi kwabona bayizehluleki. Ngokwesibonelo, umama angase agxeke indodakazi yakhe lapho ibuya nemiphumela emibi esikoleni. Kodwa eqinisweni kungenzeka ukuthi umama ucabanga kanje, ‘Nginovalo lokuthi njengomama angiwenzi umsebenzi wami wokukhuthaza indodakazi yami ukuba iphumelele.’
Ukwehlisa Umoya Lapho Ugxekwa
Kungakhathaliseki ukuthi siyini isizathu sokugxekwa, umbuzo uwukuthi, Ungabhekana kanjani nakho? Okokuqala, qaphela ukuba ungabhoki ngolaka. IzAga 17:27 zithi: “Noma ubani ogodla amazwi akhe unolwazi, nomuntu onokuqonda unomoya ozolile.” Ungahlala kanjani “unomoya ozolile” lapho ugxekwa? Zama lokhu okulandelayo:
Lalela. Kunokuba usheshe ukuvikela izenzo zakho noma ukuzihlangula, zama ukuzibamba bese ulalela lokho abazali bakho abakushoyo. Umfundi uJakobe watshela amaKristu ukuba ‘asheshe ukuzwa, ephuze ukukhuluma, ephuze ukuthukuthela.’ (Jakobe 1:19) Uma ungena abazali bakho emlonyeni besakhuluma nawe, bayocabanga ukuthi awulalele. Lokhu kuyobacasula bese nakanjani kuholela ekutheni bakweluleke kakhulu, hhayi kancane.
Gxila kwabakushoyo. Ngezinye izikhathi ungase ube nomuzwa wokuthi abazali bakho abakwelulekanga ngendlela enomusa. Kunokuba ugxile endleleni abakhulume ngayo nawe, gxila kulokho abakushilo. Zibuze: ‘Kulokhu engigxekwa ngakho, yikuphi engaziyo ukuthi kuyiqiniso? Ingabe abazali bami sebake bakhononda ngalokhu? Ngizolahlekelwa yini uma ngenza abakufunayo?’ Khumbula, kungakhathaliseki ukuthi kubonakala kunjani okwamanje, ukukhathazeka kwabazali bakho kubangelwa uthando. Ukube bebekuzonda ngempela, bebengeke bazihluphe ngokukweluleka.—Sibeke ngamanye amazwi. Uma ubeka iseluleko sabazali bakho ngamanye amazwi futhi ubaphindela sona ngendlela enenhlonipho, ubenza babone ukuthi ukuzwile abakushilo. Ngokwesibonelo, umzali angase athi: “Njalo nje ushiya ikamelo lakho libheke phezulu. Sizoxabana uma ungaliqoqi!” Kungenzeka ukuthi kuwena libonakala lihlanzekile. Kodwa ukukusho lokho ngeke kukusize. Zama ukubheka izinto ngendlela abazali bakho abazibheka ngayo. Kungakuhle ukhulume ngokungabhuqi, mhlawumbe usho okuthile okufana nokuthi: “Uqinisile. Ikamelo lami lingcolile. Ungathanda ngiyoliqoqa khona manje noma uma sesidlile?” Uma ukwamukela ngale ndlela lokho abazali bakho abakushoyo, cishe isimo siyoba ngcono. Yiqiniso, kuyobe sekudingeka ukwenze lokho abazali bakho abakutshele khona.—Efesu 6:1.
IzAga 10:19) Lapho abazali bakho bebona ukuthi ngempela ububalalele, bayozimisela ukukulalela.
Linda. Ungazivikeli ungakakwenzi lokho abazali bakho abafuna ukwenze. IBhayibheli lithi: “Obamba izindebe zakhe wenza ngokuqonda.” (Bhala lapha ukuthi yisiphi kulezi zinyathelo ezine ezingenhla okufanele usebenzele kuso kakhulu. ․․․․․
Okwenza Kuwufanele Umzamo
Ubungazimisela yini ukubekezelela ubunzima ukuze uthole umcebo wegolide? IBhayibheli lithi ukuhlakanipha kungcono kakhulu kunanoma yimuphi umcebo. (IzAga 3:13, 14) Uba kanjani ohlakaniphile? IzAga 19:20 zithi: “Lalela iseluleko wamukele isiyalo, ukuze uhlakaniphe esikhathini esizayo.” Yiqiniso, iseluleko nesiyalo singase sikujabhise. Kodwa uma ukuthola futhi ukusebenzisa ukuhlakanipha okuyigugu kunoma yikuphi ukugxekwa, uyozuza umcebo ongcono kakhulu kunegolide.
Uma sikhuluma iqiniso: Ukugxekwa kuyingxenye yokuphila. Kwamanje abazali bakho nothisha bayakugxeka. Esikhathini esizayo, ngokungangabazeki uyobe ugxekwa abaqashi kanye nabanye abantu. Funda ukuthi ungabhekana kanjani nokugxekwa ekhaya, ngokwenza kanjalo uyoba umfundi othuthukayo, isisebenzi esiyigugu futhi uyoba nokuzethemba okwengeziwe. Ngokuqinisekile, kuyakufanelekela ukubekezelela ukugxekwa okuncane ukuze uthole leyo miphumela!
Ingabe imithetho yakini iyakucinanisa? Funda indlela yokwaneliswa inkululeko onayo—nokuthi ungase uyithole kanjani eyengeziwe.
UMBHALO OYINHLOKO
“Umuntu ohlakaniphile uyolalela amukele imfundo eyengeziwe.”—IzAga 1:5.
ICEBISO
Ukuze ukwazi ukwa-mukela isiqondiso sabazali bakho
● Jabulela noma yikuphi ukunconywa okuha-mbisana nokugxekwa.
● Cela ukucaciselwa uma ungayiqondi kahle inkinga noma isixazululo esilindelekile.
UBUWAZI . . . ?
Abanye obaba nomama bakuthola kunzima ukuphatha abantababo ngothando ngenxa yokuthi nabo abazange baluthole uthando nokuqondwa okwanele kubazali babo.
ENGIZOKWENZA!
Uma abazali bami bephinda bengigxeka, ngizo- ․․․․․
Uma nginomuzwa wokuthi abazali bami bangigxeka ngokweqile, ngizo- ․․․․․
Engingathanda ukukubuza umzali (abazali) wami ngale ndaba ․․․․․
UCABANGANI?
● Kungani ungase ukuthole kunzima ukwamukela ukugxekwa?
● Yini engase ibangele abazali bakho ukuba bakugxeke?
● Ungazuza kanjani kunoma yisiphi iseluleko ositholayo?
[Amazwi ahambisana nesithombe esisekhasini 177]
“Kukho konke ukuphila kwami umama wayehlale engithethisa nami ngimphendule. Kodwa manje ngizama ukusebenzisa lokho iZwi likaNkulunkulu elikushoyo. Kuyasebenza. Isimo sengqondo sikamama sesiqale ukushintsha. Ngokusebenzisa iBhayibheli, ngaqala ukumqonda kangcono. Ubuhlobo bethu baba ngcono.’’—UMarleen
[Isithombe ekhasini 180]
Uma uhlunga amatshana ayigugu okuhlakanipha kunoma yikuphi ukugxekwa, uyothola umcebo ongcono kakhulu kunegolide